Selidumela emansumpeni ngeNdebe yomhlaba ka2010

Ukumenyezelwa kokusingathwa kweNdebe yomhlaba ka2010 yiNingizimu Africa kwabawumhlahlandlela wokusungulwa kwe2010 National Communicators Patnership.

Ingqungquthela yalonyaka ingeyesine futhi iyona ebaluleke ukwedlula zonke esezike zabakhona ngenxa yokuthi sekusele izinsuku ezingaphansi kweziwu-300 ukuthi imidlalo yeNdebe yomhlaba iqale. Okubalulekile ngalengqungquthela ehlanganisa izinhlangano ezahlukene kodwa ezinombono owodwa wokubona iNingizimu Afrika ikhangiswa noma iqhakanjiswa ngendlela.

Lezinhlangano zihlanganisa abeFIFA, abezikhangiso, abazokuxhumana eminyangweni kahulumeni, ikomidi elihlela imidlalo yeNdebe yomhlaba, uMnyango wezokuthutha, abezokuvakasha eNingizimu Afrika ukuthi baxoxisane futhi bacobelelane ngamasu abazowasebenzisa njengoba amalungiselelo esephothulwa endebe yomhlaba. Abe-GCSI kanye ne-ICM yibo abahamba phambili ekuhleleni lengqungquthela.

Okunye okuzobe kusezithebeni ezokuthutha, ezokuvakasha, izindawo zokuhlala kanye nezokuphepha. Lengqungquthela izobanjelwa eSandton International Convention Centre kuMaude Street.

Izikhulumi ezilindelwe ezivela emnyangweni kahulumeni, abezokuvasha iNingizimu Afrika, ikomidi elihlela imidlalo yendebe yomhlaba njalonjalo.

Bookmark and Share

Popularity: 1% [?]

Leave a Reply

Tag Cloud

Check out our Videos on YouTube

YouTube

Join our Linkedin Group

LinkedIn